ULAXAZE ISICELO SEBHEYILI KWELOKUBULALA ABANGU-6 EMLAZA
LINDOKUHLE NGCOBO
INDIDA enqaba ukufaka isicelo sebheyili umsolwa oneminyaka engu-28 ubudala waseSwaziland obhekene necala lokubulala abesilisa abangu-6 kwa-V eMlaza.
UMelusi Dlamini, uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza izolo, ngemuva kokuboshwa ngoLwesihlanu eKrugersdorp, eGauteng.
Lesi sigameko senzeka ngomhlaka 17 August 2024 , lapho abesilisa abangu-6 babehlezi nabasifazane abangu-3 becisha ukoma. Kuvela ukuthi kwabe sekuqhamuka abelisa ababili bathi bafuna ugwayi, babayalela(abagilwa) ukuba bahambe ngoba akekho odayisa ugwayi. Nangempela abasolwa bahamba, baphinde babuya emva kwesikhashana, bayalela abesifazane ukuba balale phansi, badubula abelisa abangu-6 abahlonzwa njengabashonile endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uConstable Zanele Mthembu udalule ukuthi uphenyo lamaphoyisa luveza ukuthi isigameko sihlangene nokuziphindiselela.
"Kusolakala ukuthi ingxabano isuke ngokubangwa kolimi phakathi kwabahlali, lapho bekhuluma IsiXhosa abanye bekhuluma isiSwati," echaza.
Kulindeleke ukuthi leli cala libuyele eNkantolo mhlaka 14 August 2025. Amaphoyisa athungatha umsolwa wesibili okukholakala ukuthi naye ungowokudabuka eSwaziland.