UKULAHLA AMATHUBA KUYIBUYISELE EKHAYA IBAFANA
Ukudlala ngamathuba kweBafana Bafana kuyenze yasheshe yalithola ithikithi eliyibuyisela ekhaya.
Uthe umdlalo uqala yahlasela ngamandla iBafana kodwa abadlali abanjengoMofokeng noFoster badlala ngamathuba.
Kodwa ikwazile ngaleyo mizuzu ukulibeka emlotheni, unompempe, umsizi wakhe nabe VAR balichitha ngokuthi bekuyi offside.
Ibuyile iCameroon, yona yangadlala ngamathuba yalibeka emlotheni. Kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo 1-0. Kuthe kubuywa nje kungakopheli sikhathi singakonani yalibeka phakathi iCameroon kwaba u2-0. Beyolokhu izama iBafana, ize yalithola elokubika ekhaya lishaya phakathi uMakgopa. Umdlalo ugcine uphela kuwu 2-1 kuwina iCameroon.