UKHUZA IBUYA UMCIMBI WOKUBUNGAZA ABESIFAZANE BASE KZN
LINDOKUHLE NGCOBO
UMSAKAZO ongenisa inzuzo, iGagasi FM usumemezele ngokusemthethweni izinhlelo zomcimbi wezindondo, iGagasi FM Shero Awards 2025, ozoba ngoMgqibelo mhlaka 23 August 2025.
Lo mcimbi uzobe ugubha iminyaka engu-9 wasungulwa, uzobungaza abantu besifazane baKwaZulu-Natal(KZN) abenza kahle emikhakheni abasebenza kuyo.
Njengamanje abalaleli balo msakazo banethuba lokuqoka abesifazane abafanele, ngaphansi kwezigaba ezingu-12. Ukwenza lokho abalaleli bangavakashela iwebsite yeGagasi FM, lolu hlelo lokuqoka kulindeleke ukuthi luvalwe mhlaka 15 August 2025.
UMphathi weGagasi FM uMinenhle Dlamini udalule ukuthi, kulo mcimbi kuzohlonishwa inkakha yomlingisi uDeli Malinga, oke wadlala kwiGenerations, uMkhokha the Curse, Shaka iLembe nakwi-Adulting ngaphansi kwesigaba iLife Achievement Award. Wathi umcimbi iShero Awards awukho mayelana nodumo noma ukubonakala.
"Umayelana nokukhulisa izwi, indaba nomsebenzi wabesifazane abajwayelekile abenza okungajwayelekile. Le nkundla imayelana nokuhlonipha amaqhawe ansuku zonke azobe evela okokuqala. Sizobe sithi siyababona, siyababungaza bangamaqhawe. Siyabagqugquzela ukuthi baqhubeke nokwenza kahle esifundazweni(KZN)," kubeka uDlamini.
Sezizonke izigaba zeGagasi FM Shero Awards 2025 zimi kanje
1. Creative Arts
2. Entertainment and Music
3. Sports
4. Science and Technology
5. Big Business Professional
6. Enterprise
7. Social Entrepreneurship
8. Education
9. Public Service
10. KZN Ambassador
11. Community Leader
12. Shero Honouree