UKHUZA IBUYA OWE TSHATHA MUSIC FESTIVAL
UKHUZA ibuya umcimbi iTshatha Music Festival kulo nyaka.
Lo mcimbi ohlelwa iTshatha Ngobe Foundation uzoba ngomhlaka 29 December 2025, eLindizulu Stadium, KwaNongoma. Ngemuva kokwethulwa ngokusemthethweni namuhla eMusic House KZN, eThekwini.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba umhleli walo mcimbi, uKhathide "Tshatha" Ngobe uveze ukuthi lo mcimbi usuzoba minyaka yonke. Wathi sezingumlando izihibe ebeziphazamisa lo mcimbi owaqala ngonyaka ka-2021.
"Sithanda ukuxolisa kubaculi esingakwazanga ukubaqasha. Abaculi baningi kakhulu kodwa umcimbi esingakwazanga ukubaqasha kulo nyaka sizoba nabo ngonyaka ozayo (2026)," kubeka uTshatha.
Eqhuba unxuse abaculi ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuze bezokwazi ukuba yingxenye yemicimbi ekhokhelwayo.
Abaculi abazondisa kwiTshatha Festival Music ilaba:Somnandi, Big Zulu, Mthandeni SK, Khuzani, Jumbo, Dladla Mshunqisi, Bahubhe, Ntencane, Gatsheni, Mzukulu, Mjolisi, Menzi, Inkosiyamagcokama, Umafikizolo, Amaqwabe Twins , Mbeje, Sminofu, Siya Ntuli, Njabulo Langa, Mdumazi, Dumakahle, Jaiva Zimnike, Mlabalaba, Mayoghurt, Stabhilithi, Mthembeni, Malini, Swidi Gcabashe, NND International , iJongo Elihle, MfokaMsezane namanye amaculi abaningi.
Amathikithi abiza inani lika-R100 kuyaphezulu eShoprite(Cumputicket), PicknPay(Webtickets) naseSpar (Ticketpro).