UKHUMALO UDALULA UKUTHI KUDALA BEMUBOPHA UKT MOLEFE
KUSHUBE isimo kwiKhomishana kaJaji Madlanga ngesikhathi iNhloko yoPhiko lwezobunhloli, uLieutenant General Dumsani Khumalo eveza ubufakazi obuqukethwe ividiyo namuhla.
Kule vidiyo kubonakala uNkosi oyiphoyisa, esemzini kasomabhizinisi uKatiso "KT" Molefe eSandhurst, eGauteng. UMolefe usolwa ngokuba ungqondongqondo ecaleni lokubulawa kuka-Oupa "Dj Sumbody" Sefoka nalokubulawa kukanjiniyela waseVereeniging u-Armand Swart.
UNkosi ubonakala ehamba ngemoto yohlobo lakaBMW emhlophe, okuvela ukuthi eyamaphoyisa ngaphansi kwehhovisi lePhini likaKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uLieutenant General Shadrack Sibiya.
Echaza ngale vidiyo eyaqoshwa mhlaka 27 November 2024 uKhumalo uthi, uNkosi akaze ehlale isikhathi eside kwaMolefe , njengoba wafika ngehora lesi-16h31 waphuma ngelesi-16h40.
"Ngesikhathi uNkosi engena ubengaphethe lutho. Uyabona ngoba esephuma kukhona akuphethe esandleni. Asazi ukuthi yini kodwa ngoba ubona ephethe ngesandla sakhe sokudla, kuyabonakala ukuthi into elula kodwa ebalulekile," kuchaza uKhumalo.
Eqhuba uKhumalo uthe bengamaphoyisa sekukaningi bebopha uMolefe ongaphandle ngebheyili kaR400 000. Waphetha ngelithi namanje kunophenyo oluqhubekayo kungenzeka uMolefe aphinde aboshwe.