UKHOZI LUGAWULE ABASAKAZI ABABILI KWI GAGASI FM


UKhozi FM lugawule kwiGagasi FM. Sekungumlando ukuthi uSphe Live akabuyeli kwiGagasi. 

Kodwa umbuzo omkhulu owokuthi, uya kuphi. INews Avenue ngokomthombo wayo ongaphakathi ithole ukuthi uSphe Live uya Kukhozi FM uzongena ngo 12-15 ntambama noZimiphi Biyela odume ngoZimdollar.

 UKing Sfiso obenza lolu hlelo bamkhomba ngezimpelasonto kodwa abanye bathi angase aye kofuna umsebenzi kwiVuma FM.

UKhozi FM luphinde lalanda uNokwanda Tema ozobika ngokwenzeka emgwaqeni. Lentokazi kade yenza umsebenzi omuhle kakhulu kwiGagasi kunethemba elikhulu lokuthi uzokwenza umsebenzi oncomekayo ngesimo esenzeka emgwaqeni.