UKHOMISHANA WAMAPHOYISA UTHI ABAZONDWA ABANTU BANGAPHANDLE


LINDOKUHLE NGCOBO 

UKhomishana wamaPhoyisa kaMasipala waseThekwini, uSibonelo Mchunu, uzichithile izinsolo zokucwaswa kwabantu abavela emazwe angaphandle.

Ekhuluma engxoxweni ekhethekile neNews Avenue eThekwini izolo, uMchunu uthe abantu baseNingizimu Afrika bayabathanda abantu abavela emazweni angaphandle.

"Buka indlela abantu bakithi abathanda ngayo abadlali bebhola abavela emazweni angaphandle, abadlala lapha ezweni lethu. Lapho abantu bakithi abacikeka khona, kulapho umuntu wangaphandle engena ezweni lethu ngokungekho emthethweni, noma uma esefika lana esedayisa izidakamizwa, eseba nebhizinisi elingekho emthethweni. Yilokho abantu bakithi abangahambisani nakho," kusho uMchunu.

Njengoba kukuningi okuvezwe uMchunu, okubalwa kukho ukugwazelwa kwamaphoyisa nezinhlelo zokuqinisa ezokuphepha emgwaqeni, ingxoxo ephelele izosakazwa maduze ekhasini likaYouTube leNews Avenue.