UKHALELWE NGAMASONGO KASIGONYELA OBULALE INTOMBI
UKHALELWE ngamasongo kaSigonyela owesilisa oneminyaka engu-48 ubudala.
Lo mlisa oboshwe ngamaphoyisa aseVryheid namuhla, usolwa ngoxhaxha lwamacalwa. Kuwo okubalwa elokushisa abulale intombi yakhe eneminyaka engu 41 ubudala, ukugeca alimaze indodakazi(28) yentombi yakhe(umsolwa) nokudlwengula intombazanyana (13) yentombi yakhe(umsolwa) eShanelweni endaweni yaseNgome namuhla ntathakusa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi intombazanyana ibilele nodadewabo omdala ngesikhathi bevuswa umsindo ezintatha.
"Wabe(untombazanyana) esebona isoka likamama wakhe likhwela lidilika kudadewabo ngembazo. Intombazanyana yama isibindi yazama ukulamulela udadewabo okuholela ekutheni umsolwa ayihudule ngaphandle kwendlu," kuchaza uNetshiunda.
Uqhube wathi umsolwa uhudule intombazanyana, waze wafika nayo emfuleni nokuyilapho kusolakala ukuthi uyidlwengule khona.
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele enkantolo yeMantshi eLouwsburg kusasa mhlaka 7 November 2025