UKHALE NGOKUNGABI KHONA KONGQONGQOSHE UNTULI
BASASALELE emuva ohulumeni basekhaya ekuthuthukiseni umphakathi ngengqalasizinda.
Lokhu kuhlale obala namuhla ngesikhathi kunomhlangano, iPremier's Coordinating Forum(PCF), e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville.
Lo mhlangano wokuthuthukiswa kwesifundazwe, ubuholwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Thamsanqa Ntuli, ubuhanjelwe ngoNgqongqoshe baseKZN, iPhini likaNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke uMnuz Sihle zikalala, uNgqongqoshe weSayensi uBuchwepheshe noKusha kuzwelonke uDkt Blade Nzimande, iPhini likaNgqongqoshe wezaseKhaya kuzwelonke uMnuz Njabulo Nzuza, iPhini likaNgqongqoshe waMahlathi ukuDoba neMvelo kuzwelonke uMnuz Narend Singh, uKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi nezimeya zoMasipala baseKZN.
Ekhuluma uNtuli ukhale ngokungaphumeleli kulo mhlangano kwabanye oNgqongqoshe bakuzwelonke ngenxa yengqungquthela iG20 ebanjelwe eGoli.
"Ngonyaka ozayo sinethemba lokuthi lo mhlangano uzobuya sizobuka ndawonye IKwaZulu-Natal ngokubambisana. Sizobuka ukuthi senzanjani ukulekelela oMasipala, ikakhulukazi ukuthi ukusebenza koMasipala kubengcono. Omasipala abaningi banezinselelo, ezinye ezithinta izimali nokuletha ingqalasizinda," kuchaza uNtuli.