UKHALA NGOKUHLUKUMEZEKA OLAXAZE I-ANC


UBoy Mamabolo ukhala ngesinqumo esinzima okuphoqeleke ukuthi asithathe.

 Abaningi bazomkhumbula njengelungu eliqavile le ANC, ebeliphinde libe yilungu lephalamende, limele lenhlangano. 

UMamabolo uthi akubanga into elula ukushiya i-ANC, ayijoyina esemusha. Elandisa intatheli yesinye seziteshi zethelevishini, uthe ubudlelwano abenabo ne-ANC besebumuhlukumeza kakhulu yingakho ethathe isinqumo sokushiya. "Ngaphambi kokujoyina lenhlangano bengiyilungu leCosas engiyijoyine ngina 13. Ngifundiswe iyona i-ANC ngaze ngathola iziqu kodwa manje sekuyiyona i-ANC ethi anginawo umatric. Besengihlukumezeke kakhulu, ukuthethiselwe into engekho," kulandisa uMamabolo.

Uke waba nengxabano enkulu nomholi we-EFF. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uMalema aze ehlise isithunzi sika Mengameli Cyril Ramaphosa

UMamabola wadalula ukuthi uMalema ushaya unkosikazi wakhe. UMalema wavele wangenela uMengameli we ANC uRamaphosa, ethi uyena owayehlukumeza unkosikazi wakhe wokuqala. Lokhu kwaholela ekutheni uMamabolo asuswe emabhentshini aphambili e-ANC, wahlaliswa kulawa asemuva ephalamende.
Uthe uzoqala iqembu elisha lepolitiki iBorn to Win.