UJOHNSON UCHITHA EYOKUHLAMBALAZA UMASEMOLA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Obeyinhloko yophiko Oluphenya ngezokukhwabanisa nenkohlakalo esezingeni eliphezulu(IDAC), u-Advocate Andrea Johnson, uziphikile izinsolo zokuthi uphiko abeluhola lwalunenhloso embi ngokushushisa uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uGeneral Fannie Masemola.

Ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kweKhomishana yezokuPhenya kaMadlanga namhlanje, uJohnson uyivikele imicimbi yokubekwa kwezinsolo kodwa wavuma ukuthi indlela okwenziwa ngayo yayinamaphutha.

"Akulona iqiniso ukuthi bekukhona inhloso embi. Kungase kube indlela okwabekwa ngayo engasetshenzisangwa kahle, noma kwenziwa ngendlela engacacile kodwa lokho akusho ukuthi kwakunenhloso embi," kusho uJohnson.

UGeneral Masemola ubhekene namacala amane, okubalwa kuwo elokuphula isigaba 38 somthetho wezokuPhathwa kweziMali zomPhakathi. Lokhu kuthinta izinsolo zokuhluleka kwakhe ukuthatha izinyathelo ezisheshayo zokumisa ithenda yezempilo yamaPhoyisa (SAPS) ebiza u-R360 million eyanikezwa inkampani iMedicare24, ehlanganiswa nosomabhizinisi odumile uVusimuzi "Cat" Matlala.

USihlalo weKhomishana, uJaji Mbuyiseli Madlanga noKhomishana uSesi Baloyi, baphonsele uJohnson inselelo enkulu ngokuthi ingabe i-IDAC ayikeqi yini amandla ayo omthetho. Babuze ukuthi kungani uMasemola efakwe ohlwini lwalabo abasolwa ngenkohlakalo ekubeni yena uqobo engabhekene namacala okukhwabanisa noma enkohlakalo. UKhomishana uBaloyi uveze ukuthi ukufakwa kukaMasemola kuleli pheshana lamacala kwakubukeka kuyisu elenzelwe ukuthi avele enkantolo, ukuze kubonakale emphakathini, kanti uJohnson ukuchithile lokho.

IKhomishana izwile ukuthi ngesikhathi uMasemola emisa le nkontileka eyayinesihlava, amaphoyisa (SAPS) ayesevele ekhokhe imali elinganiselwa ku-R50 million.