UJACINTA ZUMA UFUNA IMARCH AND MARCH INGANCIKI KUMUNTU


LINDOKUHLE NGCOBO 

Umholi wenhlangano iMarch and March uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uthi umkhankaso wale nhlangano elwisana nokufika kwabantu bokufika okungekho emthethweni, akufanele uncike kuye noma kunoma yimuphi umuntu oyedwa. Ezeseka ngelithi umkhankaso wale nhlangano kumele uqhubeke ngoba owabantu baseNingizimu Afrika bonke.

Ebhala ekhasini lakhe likaFacebook uNgobese-Zuma ugcizelele ukuthi ilungelo lokubhikisha liwumthethosisekelo alikwazi ukuphazanyiswa ngabantu.

"Noma ngingekho, iMarch and March kumele iqhubeke. Ayikho ngami, eyabantu bonke. Sekukaningi nginqaba ukuthi amalungu eMarch and March afake umbuso bami ezikibheni zeMarch and March, ngoba lokho kuzolahla umbono wenhlangano. Wonke umuntu unelungelo lokuma nokukhulumela izinto akholelwa kuzo. Masingayi emgwaqeni sihlukene. Masiye sihlangane, sihlanganise izwe, umlayezo wethu kumele ube ngowobunye, hhayi inzondo," kubeka uNgobese-Zuma.

Lo mholi uphawule kanje nje, usaqhubeka umsindo ngomhlangano obuphakathi kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uMnuz Nkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba noMnuz Ngizwe Mchunu ngenyanga edlule, eGauteng. Nakuba uNdabandaba wachaza ngalo mhlangano esithangamini sabezindaba eThekwini. Lapho aveza(uNdabandaba) khona ukuthi uRamaphosa wayefuna isiqiniseko sokuthi imashi yangomhlaka 30 June 2026, izoba nokuthula. Kusakhona abasola uNdabandaba oweseka iMarch and March, ngokukhaphela uNgobese-Zuma.