UJACINTA UGCINE EHLANGENE NO PHAKELA
LINDOKUHLE NGCOBO
Inhlangano iMarch and March eholwa uNkk Jacinta Ngobese-Zuma iphumele obala ngabantu abafuna ukuyicekela phansi.
Lokhu kuvele esitatimendeni esikhishwe yile nhlangano namhlanje.
I-March and March ithi izoqhubeka nokusebenzisana nenhlangano Insizwa Nobunsizwa Development Foundation eholwa uMnuz Nkosikhona "Phakelumthakathi" Ndabandaba ne-LACO eholwa uMnuz Mlungisi "Inkinga kaMancinza" Zondi.
Lokhu kulandela umhlangano obuphakathi kweMarch and March ne-Insizwa Nobunsizwa Development Foundation obuseThekwini izolo.
Emhlanganweni lezi zinhlangano zixoxe kabanzi ngalokho okwenzeke ngaphambi kosuku lwangomhlaka-30 June 2026. Okufaka umhlangano owabaphakathi kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa noNdabandaba
"Kukhona abantu, izinhlangano, osomabhizinisi nosopolitiki abafuna ukucekela phansi iMarch and March nabaholi bayo. Siyazi ukuthi kukhona abazama ukusebenzisa imali ukulwa nale nhlangano. Kukhona abazama ukubophisa abaholi bethu, abanye bafuna ukubulala abaholi bethu. Siyazi ngalabo abathi inhlangano isebenzela iqembu lepolitiki ixhaswe(inhlangano) i-Israel," kuchaza ingxenye yesitatimendi.
Le nhlangano elwisana nokufika kwabantu bokufika okungekho emthethweni, iveze ukuthi isazohlangana isazoba nemihlangano nezinhlaka ezahlukene. Yathi uma isiphothulile ukubamba imihlangano izomemezela ngokusemthethweni inqubekela phambili.