UHLOMUKA UVEZE IZINGQINAMBA ZOMNYANGO


Lindokuhle Ngcobo 

UVUMA izingqinamba ezibhekene nezikole uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal(KZN) uMnuz Sipho Hlomuka.

Lokhu kuvele ngesikhathi uHlomuka ekhuluma namuhla emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni imiphumela yase KZN ka matric 2025, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. I-KZN ihlezi phezulu ngo 90.6 kwimiphumela yokuhlolwa kuka matric 2025.

Ekhuluma uHlomuka uthe ngeke akufihli ukuthi kunezikole zase KZN ezibhekene nenkinga yokungafiki ngesikhathi kwezinsiza kufunda nokushoda kwengqalasizinda.

"Ngiyathemba ngokubambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli sizoyilungisa le nkinga. Ziningi izikole ezinenkinga yokuthola izinsiza kufunda. Siyabona ukuthi imiphumela emihle iphuma ezikoleni ezisezindaweni zasemakhaya, ezifana nesiFunda uMkhanyakude," kusho uHlomuka.

UHlomuka ukhulume kanje nje, kusasa kulindeleke ukuthi kuvulwe izikole.