UHELEN ZILLE UZIGQAJA NGOKUKHULELA EHILLBROW


SIZO BLOSE 

UHelen Zille weDA ozimisele ngokuba imeya yase Johannesburg, eGauteng uthi uzimisele ngokushintsha iGoli.

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nesinye seziteshi zethelevishini.
Uthe iGoli liyisizinda somnotho, uma lingasebenzi lokho kusho ukuthi iNingizimu Afrika ilimele uma kuza kwezomnotho.

Uthe njengamanje iGoli ligaqa ngamadolo kulobu buholi obukhona be-ANC.
Uthe yize eseKapa kodwa yena ungowaseGauteng, ukhulele eHillbrow.

Ephawula ngoNgqongqoshe wezeMidlalo, uGayton Mckenzie nokusebenzisa igama lokudelela abantu abamnyama. UZille uthe, into ebuhlungu, ayikho into eyenziwayo kodwa kunomsindo omkhulu ngabafundi baseKnysna abenze okufanayo.