UHAMBE KAHLE UMCIMBI WOKUKHUMBULA ISILO


Lindokuhle Ngcobo 

UBEYIMPUMELELO umcimbi wokukhumbula iSilo uCetshwayo kaMpande, nokuhambela izindawo zamagugu namuhla.

 Uhambo lwalo mcimbi osingethwe isiFunda iKing Cetshwayo, luqale  Esikhaleni Senkosi ePort Dunford, lapho iSilo uCetshwayo saphumela khona ngesikhathi sigibela umkhumbi, sibheke ezweni lamaNgisi siyiboshwa. Lube selidlulela eShowe, KwaGqikazi lapho uNdaba kazimudli zimbukani waphangalala khona. Lwaphetha eFort Nonqayo, lapho kube nesifundo ngempilo yeSilo uCetshwayo.

 Lo mcimbi ubuhanjelwe  Amakhosi, Abantwana baseNdlunkulu, uNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, iziMeya naMafa aKwaZulu-Natal.

UKhawula uveze ukuthi iNdlunkulu akumele ilinde uhulumeni ukuba ahole isizwe.

"Kunalakho iNdlunkulu iyona okumele ihambe phambili ukweseka uhulumeni, ukuwukhombisa ukuthi zigcinwa kanjani izindawo zamagugu nokwakha intuthuko kuzo," kusho uKhawula.

Kusasa ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi kuyiwe edlinzeni leSilo Cetshwayo, eNkandla.

Le mcimbi yandulela uMkhosi waseSandlwana ozoba ngomhlaka 22 January 2026, eNquthu.