UGWETSHWE UDILIKAJELE KWELOKUDLWENGULA
THOBEKA MCHUNU
Owesilisa oneminyaka ewu-40 ubudala ugwetshwe udilikajele yiNkantolo yesiFunda e-Estcourt, emuva kokulahlwa ngecala lokudllwengula indodakazi yakhe Iesigameko senzeka eWeenen ngonyaka ka2022.
Ngokusho kokhulumela uphiko lwezokushushisa uNatasha Ramkisson-kara uthi Ummangalelwa igama lakhe eligodliwe ukuvikela umgilwa unguyise kamgilwa futhi babehlala naye nezinye izingane zakhe njengoba unina kamgilwa ngenxa yokugula ubehlala kwesinye isihlobo, umgilwa kunguyena obenakekela ikhaya.
Umsolalwa kubikwa ukuthi wadlwengula indodakazi yakhe kabili ngoMarch nangoNovember. Emsabisa ngesibhamu njalo uma emnukubeza emtshela ukuthi uzombulala uma eke wabika ngalesisgameko.
Ngokuhamba kwesikhathi umgilwa wabhoboka kuninakhulu wambikela ngesigameko.wabe esephuthunyiswa emtholampilo ukuyothola usizo.
Udaba selusenkantolo , umgilwa watshela inkantolo ukuthi isigameko sicekele phansi impilo yakhe. Wathi akakholwa wukuthi uhlukunyezwe wumuntu obekufanele amvikele.