UGWAYI KATIKI KUMAKHANSELA ANGENAZO IZIQU
Lindokuhle Ngcobo
ANQUNYELWA ugwayi katiki ilunga lekomidi loMnyango wezeMfundo uMnuz Sanele Zondo, amakhansela angenazo iziqu zemfundo ephakeme.
UZondo uveze lokhu emcimbini wokuklomelisa abafundi abenze kahle kumatikuletsheni (matric Excellence Awards & Bursaries Handover) ngaphansi kaMasipala waseNkandla, namuhla e-Indoor Sports Centre, eNkandla.
Ekhuluma uZondo obeyisikhulumi sosuku kulo mcimbi, uthi kulo nyaka kuzoba yihlandla lokugcina uhulumeni emukela amakhansela angafundile kongqondonkulu.
"Asiwafuni amakhansela angafundile. Uma uthathwe ungafundile ngo November wakulo nyaka, yazi ukuthi siyagcina. Uma ungenile ekubeni yikhansela ungafundile, kumele uthathe isinqumo esisha Nhloko yoMkhandlu, ucele uxhaso kuma SETA noma uxhaso lukaMasipala. Amakhansela ahambe eyofunda, mningi iminyaka engu 5, ukuthi abantu bahambe bayofunda," kusho uZondo.
Eqhuba uthe ikhansela elingafundile, lenza kube nzima ukuthuthukisa umphakathi. Ezeseka ngelithi likhohliswa ngabasebenzi baMasipala mayelana nesabelomali, ngoba lisuke lingeke likwazi ukuzifundela okubhalwe phansi.
Kulo mcimbi uMeya waseNkandla uKhansela Nonhlanhla Nzuza uhalalisele abafundi, izikole, abahloli nothisha abenze kahle ku-matric 2025.