UGONYULUKA NGENKOHLAKALO UKHOMISHANA OSAMISIWE
UKHOMISHANA wamaPhoyisa eMpumalanga osamisiwe, uLieutenant General Daphney Manamela uphumele obala ngenkohlakalo edlangile emaphoyiseni. Wadalula ukuthi ukumiswa kwakhe kuwumzamo wokumthulisa, njengoba ebesebhekene namaPhoyisa athinteka ekudunweni kwezimoto, ukubanjwa kwenkuzi nokugwazelwa.
UManamela uveze lokhu namuhla esithangamini sabezindaba eMbombela, eMpumalanga.
"Izinsolo zokuthi ngithole izipho ngendlela engekho emthethweni zingamanga. Kunalokho bengibhekene nengcingezi ngenxa yokulwa nezinsiza zombuso ezisetshenziswa kabi. UKhomishana wamaPhoyisa kuleli, uGeneral Fannie Masemola, uvikela amaphoyisa akhohlakele esifundazweni iMpumalanga. Uphiko eliphenya amacala amakhulu, lihlakaziwe ngemuva kokumiswa kwami," kubeka uManamela.
Uphinde(uManamela) wasola owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele ngokugxabukela emacaleni abucayi athinta ezepolitiki, izimayini ezingekho emthethweni nokuthunjwa.
UManamela umiswe okokuqala ngo February 2023, uphinde wamiswa ngo June 2024, usolwa(uManamela) ngokukwamukela izipho ezibiza izinkulungwane zamarandi, okubalwa kuzo umabonakude, osofa nenye ifenisha yasendlini. UManamela uphinde asolwe ngokusebenzisa izimoto zombuso ukumuhambisa ezindaweni zakhe, nokufaka amakhamera okuphepha emahhovisi amakhulu esifundazweni ukuze ahlasele asebenza nabo.
INkantolo eNkulu yasePitoli ikuchithile ukumiswa kukaManamela, ivumela ukuthi abuyele emsebenzini kuze kube kuphothulwa uphenyo olubhekene naye(uManamela).