UGENERAL SENONA AKAYINGENI EYOKUTHI UHLOBENE NO MATLALA


Lindokuhle Ngcobo 

UGENERAL Lesetja Senona oyiNhloko yoPhiko lwama Hawks, wale waphetha ukuphendula ukuthi umkakhe uhlobene noVusimuzi "CAT" Matlala noma kufana izibongo. USenona wethula ubufakazi kwiKhomishana kaJaji Madlanga, ePitoli namuhla.

"Angifuni ukuphendula lowo mbuzo. Chabo, awukho mayelana nalokhu okwenzeka lana," kuphendula uSenona kule khomishana.

 USenona usolwa ngokusiza uMatlala, ukuthi athole ithenda yasemaphoyiseni engu R360 million. 

Lezi zinsolo zivele ngobufakazi obethulwe ufakazi X kule khomishana. Ufakazi X uveze imilayezo kaWhatsApp, okukholakala ukuthi ngokaSenona. Le milayezo iphakathi  kukaSenona, Matlala, indodana kaSenona noThato, kuyo babekhuluma  mayelana nezakhiwo, bethumelelana amaphepha abhaliwe. 
Kuphinde kwavela ukuthi uSenona wasebenzisa amandla omsebenzi wakhe ukuvikela uMatlala ngenkontileka yaka Medicare24.

USenona uvumile ukuthi uyamazi uMatlala amchaza njengomfowabo. Wadalula ukuthi uhlangane noMatlala ngonyaka ka 2019  emshadweni wakhe(Senona) wesintu. 

"Ngiyakuphika ukuthi ngasiza uMatlala ukuze athole ithenda yakaMedicare 24. Ithenda efana nalena ilawulwa esigabeni samaphoyisa azwelonke. Kunendlela abahlunga ngayo. Anginalo ulwazi le komiti elisingatha ukunikezela amathenda, " kubeka uSenona.