UGCINE EYITHOLILE IBHEYILI UJUB JUB


LINDOKUHLE NGCOBO 

Usededelwe ngebheyili ka R5000 uMolemo "Jub Jub" Maarohanye (45), ongumethuli wohlelo olubizwa ngeyaJola 99 kuMoja Love.

U-Jub Jub obelulindeleke ukuthi avele kusasa enkantolo, ufake isicelo esiphuthumayo enkantolo ephakeme sokuthi anikezwe ibheyili ngokushesha. Kuvela ukuthi ukhale(uJub Jub) ngokuthi kungani engavelanga enkantolo izolo.

U-Jub Jub uboshwe ngesonto ngecala lokuqhumisa isibhamu nokuthumba endaweni kaMasipala. Konke lokhu kuthinta umshayeli we-Uber amsola ngokujola nentombi yakhe(uJub Jub).

Kulindeleke ukuthi uJub Jub abuyele enkantolo ngoMsombuluko, mhla zingu-22 June 2026.