UFUNA UBULUNGISWA UMNDENI WOBULAWE EMNAMBITHI


LINDOKUHLE NGCOBO 

UFUNA ukubona ubulungiswa ngokushesha umndeni wowesilisa obulawe kubanjwe inkunzi isitolo sobucwebe eMnambithi. 

UMnuz Vusumuzi "Mandanda" Mbongwa(23) waseKuvukeni, eMnambithi ushonele esibhedlela iLadysmith  Provincial Hospital  ngoLwesihlanu, ngemuva kokudutshulwa esitolo abesebenza kuso iCash Crusaders.

 Kusolakala ukuthi umufi uthelwe ngamachaphazelo ngesikhathi kunokudubulana phakathi konogada nabesilisa ebebezama ukubamba inkunzi isitolo i-American Swiss.

Ekhuluma neNews Avenue umfowabo kamufi namuhla uMnuz  Thulasizwe Hlatshwayo uthe, bewumndeni bafuna ubulungiswa ngokuphuthuma mayelana nokubulawa kukamfowabo.

"Kubuhlungu kakhulu okwenzekile, umfowethu ulimale ephuma emsebenzini wakhe esebuyela ekhaya. Kusenzima ukubhekana nalesi simo sifuna babanjwe abenzi bobubi," kusho uHlatshwayo.