UFIHLWA NGOMGQIBELO OWE BAFANA BAFANA
LINDOKUHLE NGCOBO
Uzofihlwa ngoMgqibelo uJayden Adams obengumdlali weBafana Bafana neMamelodi Sundowns FC, odlule emhlabeni mhlaka 11 July 2026.
U-Adams obeneminyaka engu-25 ubudala, uzovaleliswa ngomngcwabo ohloniphekile ozobanjelwa eCoatzenburg Sports Grounds, eStellenbosch ngehora lesi 09h30 ekuseni. Lapho umndeni, iSundowns, abathandi bebhola, nalo lonke izwe bezobungaza impilo ka-Adams negalelo lakhe ebholeni.
U-Adams oqale ukudlala kwiStellenbosch FC ngonyaka ka-2020, ubesanda kudlala kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 (FIFA World Cup), lapho asize khona iBafana ukuba ifinyelele okokuqala emlandweni kumkhumulajezi walo mqhudelwano. Uphinde (Adams) waba yingxenye yeqembu leSundowns elinqobe iCAF Champions League ngoMay, kanti wayekhona ngesikhathi iBafana inqoba indondo yethusi kwi-AFCON 2024.
Kube nomcimbi wokukhumbula u-Adams, osuse imizwa emningi obubanjelwe eStellenbosch Town Hall, lapho abadlali neziphathimandla bebungaza ubunjalo bakhe(Adams) nokukhandla kwakhe.