UFAKAZI "E" UBAKHIPHA PHAMBILI EKUFENI KUKA MAGAQA
Lindokuhle Ngcobo
UFAKAZI E weKhomishana KaMadlanga udalule ukuthi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, wakhuluma naye(ufakazi E) ezama ukuthola ulwazi olungacekela phansi oyiNhloko yoPhiko lwezobunhloli uLieutenant General Dumisani Khumalo.
Lo fakazi uthi uMchunu wabuza ukuthi ngabe uKhumalo, akayena omunye wamaphoyisa ophiko lwezobunhloli, athinteka ecaleni lokubulawa kukaSindiso Magaqa.
Lo fakazi watshela uMchunu ukuthi, uKhumalo akathinteki ecaleni likaMagaqa. Ezeseka(ufakazi E) ngelithi ngesikhathi kubulawa uMagaqa, uKhumalo wayengekho oPhikweni lwezobunhloli.
"UNgqongqoshe uMchunu waphinde wangibuza ukuthi ngabe lowo owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uyathinteka ecaleni lokubulawa kuSindiso Magaqa. Ngamtshela ukuthi uCele akathinteki kuleli cala. Kwathi kusenjalo kwangenelela uMnuz Mthokozisi Nkabinde, oyiNhloko yabasebenzi ehhovisi likaMchunu, wathi(uNkabinde) uCele uyathinteka ecaleni lokubulawa kukaMagaqa," echaza ufakazi E.
Eqhuba lo fakazi uveze ukuthi uMchunu ubefuna ukwazi konke mayelana nokuqulwa kwecala likaMagaqa enkantolo.
"UNgqongqoshe uMchunu ubengibhalela njalo kuWhatsApp, uma kade kuqulwa icala lokubulawa kukaMagaqa. Engibuza ukuthi icala lihambe kanjani, lizobuyela nini enkantolo. Okungididayo ukuthi angikaze ngimbone nakanye uNgqongqoshe uMchunu ethamele icala lokubulawa kukaMagaqa enkantolo," kubeka ufakazi E.