UDUTSHULWE WAFA UMSOLWA OPHUCE AMAPHOYISA ISIBHAMU




USALE enkundleni umsolwa obezama ukubulala amaphoyisa, namuhla esiteshini samaphoyisa eNtuzuma.

Lo msolwa uboshwe ngoMgqibelo ngecala lokuzama ukubulala. Namuhla bekulindeleke ukuthi eyobekwa icala ngokusemthethweni enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda udalule ukuthi ngesikhathi amaphoyisa amabili ethatha umsolwa esitokisini, uwahlule ngamandla wawaphuca izikhiye zasesitokisini. Uthi  kufike amanye amaphoyisa, nawo wawahlwitha(umsolwa) isibhamu.

"Amaphoyisa azame ukucasha ngesikhathi umsolwa edubula ebhekise kuwo. Kube nokudubulana isikhathi eside, ngaphambi kokuthi amaphoyisa edubule umsolwa oneminyaka engu 22 ubudala washona. Kulimale amaphoyisa amabili, elesifazane nelesilisa," kubeka uNetshiunda.