UDOKOTELA UVULELE OWAYEYISIGULI SAKHE ICALA


UDokotela wenhliziyo osamisiwe eWestville, uDkt Ntando Duze usefakele amaphepha esivimbelo sasenkantolo loyo owabe eyisiguli sakhe uJeffrey Chetty. 

UDuze usola uChetty ngokuthi waya kumabonwakude wakhuluma amanga ngaye. UDuze uthi osekudala ukuthi amfakele lawa maphepha ukuthi usethola izinsongo kwabathile bemtshela ukuthi makahlukane nalolu daba. 

"Kukhona owesilisa owangifonela wangitshela ukuthi mangihlukane nalolu daba," echaza.


Uthi usevule necala emaphoyiseni. 'Angipholisanga maseko ngivule icala ngalokhu ngenxa yokuthi bengibona ukuthi kukhona okungahambi kahle," usho kanjena.

Uveze ukuthi okumkhathazayo ukuthi isikhonzi senkantolo, uMnuz Andy Ngcobo oneminyaka engu-55 abesisebenza lolu daba sidutshuliwe.

"Sithole ukuthi udutshulwe eseNanda ebusuku bangoLwesihlanu olwedlule," echaza.

Udaba lukaDuze lwaba sematheni kakhulu ngonyaka owedlule njengoba kwaze kwabhikisha iziguli zakhe ngaphandle kwesibhedlela eWestville zifuna ukuba abuyiswe.

Kunezinye iziguli okuthiwa zazinqaba ukulashwa ngabanye odokotela zithi   zincamela ukufa kunokuthi zilashwe ngabanye odokotela.
 
Amaphoyisa aKwaZulu Natal akuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokusatshiswa nokubulawa kwesikhonzi.