UDJ SHIMZA UCHITHA EYOBUTABANE


UDJ Shimza usephumele obala ngokusoleka ebutabaneni. Ekhuluma kwiPodcast kaMacG, uShimza uthi wayezikhathalelele ngaloluyasuku kumele enze eminye imisebenzi ne 5FM. 

Uthi wabe esezitshela ukuthi akenze lento azoyenza aphume kubona. "Inkinga iqale ngokuthi ngijwibe izandla, baqala abantu bathi, uShimza isitabani," kulandisa loDJ obekhombisa ukuthi akanandaba nalokhu okushiwo abantu.

Ube esegcizelela ekutheni yena uyindoda. LoDJ usebudlelwaneni nentokazi okuthiwa u-Athi esebenza ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa ophikweni lwezokuxhumana.