UDJ SGQEMEZA UPHUMELE OBALA NGOKUMHLUKANISE NOKHOZI FM
UHLULEKILE ukuzibamba wacacisa ngesizathu esimenze washiya emsakazweni uKhozi FM, uSipho "DJ Sgqemeza" Mbatha.
Esitatimendeni esikhishwe uDJ Sgqemeza namuhla obeseneminyaka engaphezulu kwengu 20 esebenza kulo msakazo. Udalule ukuthi abaphathi balo msakazo abasha, bamtshele ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe.
"Akulona iqiniso ukuthi ngizicelele ukuhamba, lokho amanga enziwe kusetshenziswa izintatheli ukuze kube ngathi isicelo sami, sengiyamazi lowo mphathi. Izizathu abazishilo, nginqena nokuzisho la, ukuhlonipha u-SABC nesithunzi soKhozi FM kodwa ihlazo ukuthi isiteshi esingaka singasebenzisa lawo mampunge ukuthatha izinqumo," kubeka uDJ Sgqemeza.
UKhozi FM luvale isikhala sikaDJ Sgqemeza ngoVee Mthembu, ozongena noMroza Buthelezi ohlelweni lwasekuseni phakathi nezinsuku, kusukela ngo 6h00 - 9h00.