UDJ SGQEMEZA "UJOYINA" IVUMA FM
Akuphelile ngoSipho Mbatha emsakazweni, mhlawumbe kuleyo yakwa Sabc kodwa ikhona imisakazo angavumbuka kuyona.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunomsakazo obizwa ngeVuma FM nawo ongenisa inzuzo.
Okunye esikwaziyo ngeVuma FM ukuthi unyaka wayo omusha awuqali ngo-April kuyaye kube lapha koJune noma July.
Lokho kusho ukuthi labo abachithwe kweminye imisakazo efana neGagasi kumbe uKhozi ungabezwa sebevumbuka kwiVuma FM.
Imithombo ye News Avenue seyikuvezile ukuthi iVuma FM ithungatha abasakazi abasha. Kuzokhumbuleka ukuthi nayo igqemeke engeqiwa ntwala ishiywa uMzo Gumede.
Imithombo ethembekile ithi iVuma FM inaso isifiso sokulanda uSiya Mhlongo kodwa inkinga uSiya oke waba kuKhozi FM nakwiMetro FM usabhekene nezinkinga njengoba aboshwa yisoka lakhe nenkantolo yamthola enecala.
Kodwa asekhona amathemba okuthi usengangena eVuma uma isinqumo senkantolo sigcina sivuna yena. Kodwa lokho kuzokwenzeka uma konke lokhu kwenzeka ngaphambi kokuthi kuqale unyaka omusha kwiVuma FM.
Okunye okutholwe INews Avenue ukuthi uSipho Mbatha odume ngelikaDJ Sgqemeza uzojoyina iVuma FM. Umthombo opotshoze lezi zindaba ungaphakathi kulo msakazo kanti awushayi phansi.
INews Avenue iyacela ukuthi onomcabango wokubhala lolu daba eluthathe kuleli khasi akuveze lokho.