UDIDDY UZOPHUMA KUNGEKUDALA EJELE


SIZO BLOSE 

Kulindeleke ukuthi aphume ejele umculi waphesheya, uSean "Diddy" Combs.

Lezi zindaba eziputshuke ejele aboshwe kulona ziveze ukuthi Diddy, uzophuma ngomhlaka 8 kuMay 2028, uma kungukuthi usihlale sonke isigwebo sakhe. 

UDiddy utoke isikhathi eside ngaphambi kokuthi kuqulwe icala lakhe neligcine limchitha. Eboshwa, kwaduma kakhulu indaba yamaphathi akhe, okuvela ukuthi bekwenzeka izinto ezimangalisayo. Kunesikhathi lapho ebonakala ekhahlela owesifazane ehhotela.