UDALULA ISIZATHU SOKOBULAWA KUKA DJ


OKUSHA ecaleni lokubulawa kuka-Oupa "DJ Sumbody" Sefoka, lapho uDJ Vetty owayengumngani wakhe(DJ Sumbody) enze incwadi efungelwe, edalula ukuthi lo DJ udutshulwe ngenxa yezidamizwa ezingabiza inani lika R 200 million ezantshontshwa KwaZulu-Natal. 

UDJ Vetty uthi naye kwakuhlelwe ukuthi abulawe mayelana nalolu daba. Wathi kuyimanje impilo yakhe isengcupheni.

"Kunomuntu okuthiwa uCat Matlala wangitshela bukhoma ukuthi nami ngizobulawa," kubeka uDJ  Vetty.

Kulindeleke ukuthi amaPhoyisa aphenye kabanzi ngezinsolo ezivezwe uDJ Vetty.  

UDJ Sumbody wadutshulwa wabulawa nabaqaphi bakhe ababili, okunguSibusiso Mokoena noSandile Myeza ngoNovember 2022.

Abasolwa ababhekene naleli cala ngusomabhazinisi waseSandton uKatiso "TK" Molefe ongaphandle ngebheyili ka R400 000, uMichael  Tau, Tiego Mabusela noMusa Kekana abagcinwe eSun City naseMabi ngokwehlukana.