UCIA UKHISHWE ISIMO SEMPILO KWI BIG BROTHER


Sizwe Blose 

Yize uBig Brother ebekubeke kwacaca kubabukeli ukuthi ngeke kuphume muntu kuleli sonto. Kodwa zihlukumeze abaningi izindaba zokudedelwa kuka Cia ngenxa yokungaphatheki kahle empilweni.

Ababukeli beBig Brother bebesalindele lukhulu kuCia kodwa ngebhadi akahlalanga kulo mdlalo. Namhlanje akuzophuma muntu, kodwa bona ngaphakathi bazi ukuthi kukhona abazophuma noma ozophuma.