UCELA USIZO OWESIFAZANE WAKWAMASHU
LINDOKUHLE NGCOBO
Ucela usizo owesifazane waKwaMashu onamakhono amaningi kwezeMfundo, uthi impilo yakhe imile ngenxa yokuthi inombolo kamazisi wakhe ixhunyaniswe namacala obugebengu angawazi.
UNksz Zandile Mbali Mthembu utshele iNews Avenue ukuthi uneziqu kwezokuPhepha, ezokutolika, Early Childhood Development neze-Office Administration. Uthe nakuba ephumelela zonke izinhlolokhono zomsebenzi, uyahluleka ukuqashwa uma sekubhekwa umlando wakhe.
"Ngathola ukuthi kukhona omunye umuntu, okungowesilisa, osebenzisa inombolo kamazisi wami. Ama finger print ami ahlanzekile, kodwa uhlelo lwasemaphoyiseni luveza amacala," esho.
Eqhuba uveza ukuthi uke wacela usizo eMnyangweni Wezasekhaya kodwa inkinga isaqhubeka kusukela ngonyaka ka 2016. Uthi lokhu kumphazamisa kakhulu ngoba unezingane ezimbili okumele azondle.
"Indaba yami ngiyihambele emahhovisi amaphoyisa amakhulu KwaZulu-Natal. Bangitshela ukuthi isilungisiwe ePitoli. Inkinga manje uma ngiya esiteshini samaPhoyisa kuzavela lawa macala. Angazi ngingenzanjani ngingaluthola kanjani usizo. Ngicela ongakwazi ukungisiza, angisizi kubuhlungu ukungasebenzi," kusho uNksz Mthembu.