UCACHALIA UNXUSA AMAPHOYISA UKUTHI AZIVIKELE


LINDOKUHLE NGCOBO 

OBAMBE esobuNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli, uSolwazi Firoz Cachalia ucele amaphoyisa ukuthi abeke phambili ukuphepha kwawo uma evikela umphakathi.

UCachalia ukhulume kanje e-Union Buildings, ePitoli  namuhla emcimbini wokukhumbula amaphoyisa angu-27 ashone esemsebenzini phakathi kuka-April 2024 kuya ku-April 2025.

"Ukushona kwephoyisa akukhona ukulahlekelwa komndeni kuphela noma kwamanye amaphoyisa  kodwa kusho ukulahlekelwa kwesizwe sonke," esho.

Lo mcimbi ubuhanjelwe iPhini likaMengameli wakuleli uMnuz Paul Mashatile, uKhomishana wamaphoyisa kuleli  uGeneral Fannie Masemola, uNfunankulu wesifundazwe iKwaZulu Natal uThami Ntuli nemindeni yamaphoyisa ashonile.