UBUDLELWANE OBUSHA PHAKATHI KWETHEKU NETOYOTA
LINDOKUHLE NGCOBO
INKAMPANI ekhiqiza izimoto kuleli iToyota South Africa Motors (TSAM) isazibophezele ukusebenzisana noMasipala weTheku. Kulandela umhlangano othele izithelo ezinhle, obuphakathi kukaMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba noMengameli weTSAM uMnuz Andrew Kirby.
Kulindeleke ukuthi lobu budlelwane buqinise umsebenzi wokwakhiwa kabusha kwengqalasizinda nokuthuthukiswa komnotho. Lokhu kusho ukuqala kwekhasi elisha njengoba kuke kwabakhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwalezi zinhlaka ezimbili. Ngemuva kokuthi kucekeleke phansi izimoto zakwaToyota ezingu-4 300 ngenhlekelele yezikhukhula ezihlasele eThekwini ngo-April 2022. Le nkampani yasola lo Masipala ngokungayilungisi ingqalasizinda yamapayipi ehamba amanzi emvula.
Ngemanje uKirby usecula elinye icula njengoba, eveze ukuthi iTSAM izoqhubeka nokutshala imali eThekwini. Wathi le nkampani inomthelela omuhle ekuthuthukiseni umnotho.
I-TSAM itshala imali engaphezulu kuka-R18 billion ngonyaka kuleli, kanti iTheku liqoqa imali engaphezulu kuka-R6 million ngonyaka kule nkampani.
"Ngisho ngemuva kwenhlekelele yezikhukhula, asikaze sikucabange ukushiya eThekwini. Ubudlelwane bethu obuqinile neTheku yikhona okuhamba phambili," kusho uKirby.
UMeya uXaba udalule ukuthi uMasipala utshale imali engu-R450 million ukulungisa ingqalasizinda yomgwaqo. Nemali engaphezulu kuka R120 million yokulungisa amapayipi acekeleke phansi ngesikhathi kuhlasela izikhukhula.
"Akumele sikuthathe kancane lobu budlelwane. Ingakho sizibophezele ukuqhubeka nemisebenzi yokulungiswa kwengqalasizinda,"kubeka uXaba.