UBROOS USHIYE PHANSI KWESOKUQEQESHA IBAFANA
LINDOKUHLE NGCOBO
Umqeqeshi uHugo Broos waseBelgium useshiyile esikhundleni sakhe sokuba ngumqeqeshi weBafana Bafana. Lokhu iSAFA esingathangamini sabezindaba, eSAFA House, eGoli namhlanje.
Ekhuluma uMengameli weSAFA uDkt Danny Jordaan ubonge umsebenzi owenziwe nguBroos eminyakeni emhlanu.
"Ngifuna ukuthi ngiyabonga kakhulu Hugo ngomsebenzi wakho," kubeka uJordaan.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-74 ubudala ushiye iqembu lesizwe lisezingeni eliphezulu. Ngaphansi kukaBroos iBafana Ifinyelele emzuliswaneni wama-32 weNdebe yoMhlaba, okuyinto eyingqophamlando eqenjini lesizwe. Uthole(uBroos) indondo yethusi ku-AFCON 2023. Ubeke irekhodi lokuba ngumqeqeshi ohlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weBafana, njengoba ehlale iminyaka emhlanu.
Okwamanje iSAFA ayikamemezeli ngokusemthethweni ozoba ngumqeqeshi weBafana, nokho kulindeleke ukuthi imemezele maduze. Kukhona amahlebezi athi, umqeqeshi uPitso Mosimane nguyena ozothatha izintambo kwiBafana.