UBROOS UCHAZA NGEMIDLALO YOBUNGANI NE-PANAMA


UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos, ubhekane nokugxekwa abathandi bebhola abaningi ngokukhetha kwakhe ukubhekana nePanama emidlalweni wobungani emibili.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, ePitoli uBroos uthi iBrazil ivumile ukudlala umdlalo wobungani nezakhe(Bafana Bafana) kodwa inkinga ukuthi ifuna R84 million ukuze ifike kuleli. Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi phambilini ne-Argentina, yathi idinga imali engu R97 million ukuze ifike eGoli.

"Ngiyazi kulula ukubuza ukuthi yindaba singadlali nobani, yindaba singadlali nobani. Nayo iPanama ayize mahhala kumele siyikhokhele, yebo kumele siyikhokhe imali ukuze sidlale nayo imidlalo embili, "kusho uBroos.

IBafana izobhekana nePanama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoLwesihlanu,  umdlalo wesibili ozoba ngoLwesibili eDHL Stadium, eKapa.