UBOSHIWE UMSHAYELI WETEKISI EBELITHWELE ABAFUNDI
LINDOKUHLE NGCOBO
USEBOSHIWE umshayeli wetekisi ebelithwele abafundi besikole abangu-20, eliwe ebhulohweni elingamamitha amahlanu ukuyaphansi, endaweni yaseMpendle, eMgungundlovu, izolo.
UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo mshayeli obehamba ngetekisi engekho esimeni sokuba semgwaqeni. Kuphinde kwathokala ukuthi lo mshayeli akanazo izincwadi zokushayela nezokushayela isithuthi esithwele abantu.
Abanye babafundi ebebegibele leli tekisi banxusa abashayeli bezithuthi zezingane zesikole ukuthi bashayele ngokucophelele emgwaqeni.