UBONGA ABALANDELI EQASHWA KWIMPUCUZEKO MASKANDI FESTIVAL


LINDOKUHLE NGCOBO 

UBONGA uthando labalandeli umculi kaMaskandi uMzomuhle "Gcabashe Swidi" Mnyandu waseNquthu eqashwa emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival. 

Lo mcimbi uzoba ngoMgqibelo mhlaka 30 August 2025, eMoses Mabhida People's Park, eThekwini. 

UGcabashe uqashwe okokuqala kulo mcimbi womculo wesintu omkhulukazi, ngemuva kokukhulunyelwa kahle ngabalandeli bemcelela ukuthi abayingxenye yalo mcimbi. 

"Ngibonga abalandeli bami, nabalandeli bonke bakaMaskandi. Bafowethu angazi ngingabonga ngithi izithupha zenu zokubhala niphakamisa ukuthi iSwidi nalo alibe khona, isiphakamiso senu siphumelele ngizobakhona kwiMpucuzeko MaskandiFestival," kubeka uGcabashe kwividiyo ayifake ekhasini lakhe likaFacebook. 

Eqhuba uGcabashe uthe ulamukela ngezandla zombili ithuba lokuqashwa kulo mcinbi.

Abanye abaculi abazonandisa emcimbini Impucuzeko Maskandi Festival ilaba: Gatsheni, Stabhilithi, Mzukulu, Somnandi, Khuzani, Njoko, Menzi, Mjolisi, Jaiva, Mfezemnyama, Jumbo, Limit, Amageza Amahle, Nkosiyamagcokama, Ithwasa Lekhansela, Bahubhe, Sminoff, Mashelela, Mroza, Mfiliseni Magubane, Ntencane, Falabo, Mdumazi, Imithente, Izingane zoma, Buselaphi, Inyon'Emhlophe, Ndoni, Saliwa, Mafikizolo, AmaNND, Ali Mgube, Amavikelambuso Dumakahle, Qhosha, Cevuzile, Mkhulekelwa noSikweletu. 

Amathikithi alo mcimbi asatholakala eComputicket ngo-R150.