UBIG BROTHER UQALILE UKUBAXOSHA ENDLINI YAKHE


Useqalile ukuthulula uBig Brother endlini yakhe. Kuthe namhlanje wachitha u-Ofentse noLawredo. 

Amanye ama housemates akhombise okukhulu ukungamthandi u-Ofentse. Lensizwa yasePitoli beyiyi Head of House ngesonto eledlule.

Imithetho yakhe eqinile imenze wangathandeka kanti abanye bebemsola ngokuxova kulendlu kaBig Brother.

Njengamanje sekushubile kulendlu njengoba sekucaca ukuthi ubani uhamba nobani. UBig Brother ubaxolelile ngesonto eledlule kodwa manje kucacile ukuthi akusadlalwa.