UBHODLA UMLILO UNINA WOMFANA ODUKE KOWE PIRATES NE DOWNS
SIZO BLOSE
Ubhodla umlilo unina kaMpemdulo Mashiane(16) waseNelspruit.
UMpendulo uhambe nabangani bakhe baya ePitoli ukuyobuka ibhola phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, eLucas Moripe Stadium.
Kuvela kuthi ngesikhathi sebephakathi enkundleni, uhambe wathi uyabuya usayochama, akaphindanga wabuya ngemuva kwalokho.
Ucingo lwakhe ulushiyile kubangane bakhe ngesikhathi ehamba, enzela ukuthi lungalahleki.
Okucasula unina kaMpendulo ukuthi abangani bakhe bafikile bezocela ukuhamba naye, wanqaba. Kangangoba bekumele amnike uR500, okuyimali amnika yona nyanga zonke, wangamnika esabela khona ukuthi uzomnika lemali yena egcina eyisebenzisela lolu hambo.
Unina kaMpendulo kuvela ukuthi ugxeka abangani baMpendulo abasola ngokuthi bamthathe ngaphandle kwemvume yakhe.
Kuthiwa uyifuna kubona indodana yakhe eyodwa vo. Uthembisa kumbe usabisa ngokuthi kuzofa umuntu uma ingabuyi kuze kuphele usuku lwanamhlanje.