UBHODLA UMLILO UKELLY KHUMALO NGOKUSHIWO UTEFFO.


SIZO BLOSE

Umculi odumile kuleli, uKelly Khumalo uvutha engabaselwe ngenxa yenkulumo eyenziwe u-Adv Malesela Teffo kwi Podcast ka Mac G.

Ephawula ezinkundleni zokuxhumana uKelly, uthe sekwanele manje, miningi leminyaka kufakwa igama lakhe odakeni, uma kukhulunywa ngokufa kukaSenzo Meyiwa.

"Angizimisele nangokufaka abammeli kulolu daba, angifuni nokuveza ubuhlakani ngalo, ngikhathele manje, umuntu onokuthize akeze angilande," kusho uKelly ngamafushane, kucaca ukuthi unyanyile.

Kodwa okuphawulekile ukuthi uze wayiqeda inkulumo yakhe engalifakanga igama lilaTeffo. Kodwa uma uyibonile iPodcast kaMac G bewubona ukuthi lenkulumo iqondiswe kuTeffo.

UTeffo, ubekhuluma engananazi ethi, uKelly owadubula wabulala uSenzo Meyiwa kwaKelly ngo 2014. Ukhulume nokunye okuningi elandisa ngokwenzeka ngalobu busuku.
Ngaphambi kokuthi aqede ube eseveza ukuthi uGeneral Bheki Cele owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa noKhehla Sithole owayengu Khomishana wamaPhoyisa baxatshaniswa yini. "Inkinga kwaba yizidakamizwa ezazingena echwebeni laseThekwini, uCele wazama ukuzifihla kanti Sithole uzozithola azithathe ayozibeka eGoli," kusho uTeffo obonge uMac G ngokumnika inkundla yokuthi abhodle.