UBHOBOKA NGOKUHLUKUNYEZWA UMLINGISI


UMLINGISI uNandipha Sefoloko ozakhela udumo enguLuthando emdlalweni  okhonjiswa kuMzansi Bioskop uphumele obala ngokuhlukunyezwa ngobengumnyeni wakhe uMthokozisi Ndaba .

UNandipha uveze lokhu namuhla ngesikhathi ekhuluma bukhoma kwividiyo ayenze ekhasini lakhe likaFacebook. Kule vidiyo udalule ukuthi usekhathale ukubekezelela izinto ezenziwa nguNdaba, kusukela kuqale isehlukaniso.

"Ungihlukumeze kakhulu ngithule ngimvikela, ngithi ngivikela yena(Ndaba) nezingane zethu. Sekufike lapho engikhathala khona. Nginezibazi emzimbeni wami, ngenxa yendoda  ebengiyithanda ebenginikele ngempilo yami kuyona. Ngesikhathi siqale indlela yesihlukaniso, bengithi konke kuzohamba kahle manje sengiphoxekile ngikhathale," kusho uNandipha ekhala.


UNandipha uthe noma ehlukumezeke kakhulu nguNdaba kodwa akafuni aboshwe(Ndaba). 

"Ngifuna athole usizo lokulashwa ngokwengqondo ukuze ezokwazi ukukhulisa izingane zethu," kubeka uNandipha.