UBHEKE KWI COMRADE MARATHON OWEQEMBU LOMCULO


Sizwe Blose 

Umculi weqembu lomculo, i-Afro Soul, uSabelo Ngema ophinde aziwe ngeKabawo Academy, uthi akajiki uyayingenela iComrade Marathon.

INews Avenue ihlangane naye kwenye yezindawo zokuzivocavoca. 

Uthe kulonyaka una-46, kuyinto abelokhu ezibekele yona ukuthi angafiki ku-50 engayingenelanga iComrade Marathon.

"Nginakho vele ukuyingenela imicintiswano yokugijima kodwa iComrade bengingakaze ngiyingenele," kuchaza uSabelo.

Uthe ukuzivocavoca kunokukhulula nomqondo, kwazise inkulu ingcindezi ekhona njengoba kuphilwa.

USabelo useke wangena emgwaqeni esuka eThekwini waze wayongena ePort Edward.

 "Manje sengiluqalile uhambo lokulungiselela iComrade. Ngike ngizitshele nje ukuthi, uNkulunkulu usiphe konke, akukho okungesehlula uma sizinikela kukona. Ngiyazi abanye abantu bayibukela kude iComrade, uma abanye beyishaya kungani singayizami nathi," kusho uSabelo osanda kubuya ohambweni abenalo eChina, nosanda kukhopha ingoma entsha ebambisenw nonkosikazi wakhe uThandeka Zulu odume ngelika MaZulu