UBEZIGQAJA NGOBU ZULU UDJ WARRAS
Umngani omkhulu kaDJ Warras, uthi loDJ ubeziqhenya ngokuba uMzulu.
Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo eGoli, uPenuel Mlotshwa uthe, bewuthola uWarras edlala izingoma zikaMaskandi aze achomele abanye ukuthi abazazi.
USizwe Dlomo uchaze uWarras ngokungena kwakhe emsakazweni iYFM elekelelwa uVukile Zondi owayefuna umuntu ozokwamukelwa yizo zonke izinhlanga.
UPearl Thusi udedele ingane yakhe ukuthi ikhulume. UThando Thusi uchaze uWarras njengobaba obenothando kakhulu, behlezi bephikisana ngepolitiki naye.
Iningi lalabo abakhulumile abafana noLerato Kganyago, Sabby babalule ukuthanda kwakhe izingane zakhle zabafana ezintathu.