UBEWUBEKE PHAMBILI UMNDENI OSHONELE ERUSSIA


LINDOKUHLE NGCOBO 

Ubenza ngakho konke okusemandleni akhe ukunakelela umndeni wakhe uMnuz Sihle Makhaye (44) odlule emhlabeni eRussia.

Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba namhlanje eRoyal Hotel, eThekwini, lapho uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal (KZN), uMnuz Siboniso Duma, ebehambisana nomndeni wakwaMakhaye.

Ingoduso kaMakhaye, uNksz Sibonile Ndwandwe uthe ukuhamba kwakhe emhlabeni kumlimazile. Nakuba bebewumndeni omncane, bebenothando nokubambisana okukhulu.

"Ube ngubaba othembekile ezinganeni zethu, nakimi njengomama wazo. Ubenza ngakho konke okusemandleni akhe ukuze sithole konke ebesikudinga. Okumphoxe kakhulu ukuthi uhambe engakaze aphumelele ekusaseni ebelifisela umndeni wakhe," kusho uNksz Ndwandwe.

Ubonge uDuma ngokusiza umndeni ukuze kubuyiswe isidumbu sikayise wezingane zakhe esifike izolo.

UMakhaye udlule emhlabeni ngomhlaka-28 kuMarch 2026, eRussia. Wasuka kuleli ngonyaka odlule ethenjiswe umsebenzi ongcono wokuba ngunogada eRussia, waze washiya nomsebenzi wakhe eGauteng. Nokuthe ngesikhathi uMakhaye esefika eRussia waphoqwa ukuba asayine inkontileka yonyaka owodwa yokulwa empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine kodwa wenqaba(uMakhaye).

Kuvela ukuthi uMakhaye ubephethwe yisifo sikashukela futhi washona ngoMarch ngesikhathi elungiselela ukubuyela ekhaya.

UDuma uveze ukuthi uHulumeni uqale ukulekelela lo mndeni ngomhlaka-8 April, ngemuva kokucelwa nguNksz Ndwandwe. Echaza uDuma uthe imisebenzi yangaphandle ikhangiswa esigabeni sikazwelonke.

"Ngemuva kwesicelo somndeni, uMnyango wajuba ithimba eliholwa yiNhloko yoMnyango, uMnuz Max Mbili, ukuba lisebenzele ukubuyiswa kwesidumbu sikaMakhaye. Sibonga uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe Wezangaphandle uMnuz Ronald Lamola nohulumeni waseRussia," kubeka uDuma.

Uthe bekunzima ngenxa yolimi nemithetho eqinile yaseRussia.

Umzimba kaMakhaye usuke eRussia ngoLwesihlanu wadlula eTurkey, wafika ngoMgqibelo e-OR Tambo International Airport, eGoli. Izolo udluliselwe e-Dube Tradeport Cargo Terminal, eThekwini.

Umndeni uqinisekise ukuthi uMakhaye uzofihlwa ngoMgqibelo, mhlaka-20 June 2026, eVukaphansi, eKranskop. Kulindeleke ukuthi isidumbu sifike ngoLwesihlanu eVukaphansi.

UMakhaye ushiye ngemuva ingoduso yakhe nezingane zakhe ezinhlanu: uNaledi (26), uThalente (23), uLesedi (19), uMqoqi (10), noSamkelo (9).