UBENNY MCCARTHY WENZA KAHLE KAKHULU EKENYA


SIZO BLOSE 

Umqeqeshi wakuleli kodwa oseqeqesha eKenya, uBenny McCarthy, kubukeka zimhambela kahle izinto kuleliya lizwe.

Ngenyanga ka August, lomqeqeshi ukonyeliswe ngendebe yokwenza kahle.

UMcCathy wazakhela olukhulu udumo eshaya amagoli amane iBafana Bafana idlala neBurkino Faso ngesikhathi iBafana isaqeqeshwa uJomo Sono.

 Ube esehamba eyodlala phesheya wathi uma ebuya wabuyela kwi Orlando Pirates ngaphambi kokuthi abuyele phesheya kwi Manchester united eyoqeqesha abashayi bamagoli.

Njengamanje uqeqesha iqembu lesizwe iHarambees eKenya, ubukeka enza kahle kakhulu.