UBEFUNELWA UXHAXHA LWAMACALA ODUTSHULWE KWABESTER


LINDOKUHLE NGCOBO 

UBEFUNELWA inqwaba yamacala okubulala, umsolwa odutshulwe wabulawa uphiko lwe NIU kwaBester, enyakatho neTheku namuhla. 

Lo msolwa kukholakala ukuthi uyingxenye yeqembu "lemigulukudu" yaseNanda eyaziwa nge-West gang. 

 Amaphoyisa aveza ukuthi abethungatha lo mlisa ngamacala okubulala abantu eNanda.