UBANJWE NE CELLPHONE EJELE OHLANGANISWA NO MCHUNU NO CELE




SIZO BLOSE

Usomabhizinisi osephenduke undabamlonyeni ngemuva kwesithangabi sabezindaba ebesibizwe uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi ngeSonto, uVusimuzi "Cat' Matlala ubanjwe ne cellphone ejele.

Elandisa esinye isiteshi srthelevishini uKhomishina wamaJele, uMakgothi Thobakgale uthe kungumkhuba wabo ukuhlale besesha iziboshwa bebheka izinto ezingavumelekile ejele.

 Lokhu bakwenza zingazelele iziboshwa. Uthi ngesikhathi besesha lapho okuboshwe khona uCat Matlala oboshwe eKgosi Mampuru, izolo, bathole kuyena icellphone. 
"Iziboshwa zingenisa amafoni ngokungemthetho zibe sezihlanganisa izinto zazo zingaphakathi ejele zisebenzisa lezi zingcingo," kuchaza uKhomishina.

Uthe njengamanje uMatlala ufakwe eC Max nokulapho okuboshwa khona izigebengu ezinobungozi.

NgeSonto uMkhwanazi uveze ukuthi uNgqongqoshe wamaphoyisa uSenzo Mchunu unokusebenzisana nezigebengu, ube eseveza ubufakazi lapho kunenkulumo eyayenziwa uMatlala noNgqongqoshe
 UMchunu ubeseke waveza ukuthi akazani noMatlala.
Ngakolunye uhlangothi owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usanda kuvuma ukuthi ubehlala endlini kanokusho abeyinikwe uMatlala ePitoli kodwa wagcizelela ekutheni bebengebona abangani.

UMatlala oke wathola ithenda ka R360 million, eyabuye yakhaselwa, uthe akukhathazi konke lokhu okushiwo ngaye, empeleni akakugqizi qakala.