U-ESKOM UNQAMULA UGESI WEZINYOKANYOKA KWABADLA IZAMBANE LIKAPONDO


LINDOKUHLE NGCOBO 

I-Eskom iyaqhubeka nokunqamula ugesi oxhunywe ngokungekho emthethweni endaweni yase-Lion Park, eCamperdown eningizimu-mpumalanga yeMgungundlovu.

Le ndawo inemizi engaphezulu kuka-2000, okuvele ukuthi iqale ukusebenzisa lo gesi kusukela ngonyaka ka-2014.


Ekhuluma neSABC, uNksz Dade Mbhele, oyisikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, uthe ukuxhunywa kukagesi ngokungekho emthethweni kuphazamisa amandla kagesi.

"Lokhu kugcine sekubangela izinkinga. Kuphazamisa nohlangothi lwabantu abakhokhela ugesi ngokusemthethweni. Uma sibheka lapha sibona izindlu ezinkulu, ezinhle. Lokhu kusho ukuthi abantu abangakwazi ukukhokhela ugesi. Sizoqhubeka nokuhlola ezinye izindawo esizokunqamula kuzo ugesi oxhunyiwe ngokungekho emthethweni," kusho uMbhele.

Ephetha ukhuthaze umphakathi ukuba ufake izicelo zokufakelwa ugesi ngokusemthethweni. Uthe lokhu kuzosiza ukugwema izinkinga zokulimala kwemishini kagesi.

Izakhamizi zakule ndawo, zikhala ngokuthi sekube isikhathi eside zifaka izicelo zokufakelwa ukugesi
osemthethweni kodwa zingaphendulwa.